Kuxwayiswa umphakathi ngabasebenzi-mbumbulu

UMASIPALA weTheku uxwayisa abantu ngezigebengu ezizenza abasebenzi balo masipala abafunda amamitha kanti zifuna ukungena ezindlini.

Lesi sixwayisa silandela isigameko lapho abasebenzi-mbumbulu bakamasipala bezame ukungena komunye umuzi, kwathi uma bebona ukuthi kukhona umuntu babaleka bashiya nebhodi lomkokotelo akade befunda ngalo amamitha.

Esitatimendeni umasipala ucele abantu ukuthi baqaphele uma bebona abasebenzi abafunda amamitha.

Uthe abasebenzi bakamasipala baphatha amakhadi abhalwe imininingwane yabo. Kuthiwe umphakathi unelungelo lokucela ukukhonjiswa ikhadi elifakazela ukuthi umuntu usebenzela umasipala. Kuyothi uma lowo muntu engalikhiphi ikhadi elisemthethweni eliqukethe imininingwane yakhe, angalokothi avunyelwe ukuba angene emzini afuna ukufunda kuwo imitha.

Amakhadi abasebenzi aqukethe le mininingwane elandelayo:

  • Isithombe somsebenzi
  • Uphawu lukamasipala
  • Ukuthi ikhadi liphelelwa nini yisikhathi
  • Igama eligcwele nenombolo yomsebenzi

Abantu bakhuthazwa ukuthi basebenzise ezinye izindlela zokuthumela imininingwane yamamitha abo okubalwa i-email, nama-app kamasipala asezinkundleni zokuxhumana.

Kukhunjuzwe abantu ukuthi bayakwazi ukushintsha imininingwane yabo nezindlela zokukhokha ngokuthumela i-email ku-online.bills@durban.gov.za bese befaka inombolo ye-akhawunti yabo nekhophi kamazisi noma amaphepha enkampani uma kuyi-akhawunti yenkampani, kudingeka nencwadi yokugunyaza lowo ukuthi akhokhele i-akhawunti uma kungeyena umnikazi we-akhawunti.

Abantu bangabhalisa nangokungena naku-https://eservices.durban.gov.za/v2/.

Amakhasimende kumele kube abhalisile ku-eServices ukuze akwazi ukubheka ama-akhawunti awo.

Leave a comment

Leave a comment

Blog at WordPress.com.